by Londeka Siba Dlamini
Siyithimba leNkanyiso sibusiseke kakhulu namhlanje kuyi Sonto sihlanganyele nebandla iVictory Ministries eseThekwini phansi kobuholi buka Pastor Zinzi Zungu.
Lelibandla kwabanye libukeka njengento engabusisekile ngoba lemukela izitabane
kodwa wembuleka amehlo uma uzinika ithuba lokuhlanganyela nazo, ubone ukuthi izitabane ziyaphila njengabanye abantu.
Ungena nje emnyango wase Victory uzizwa wemukelekile ngoba kukhona abangenisa abantu ”ushers”. Namuhla besingeniswa uCindy Gumede kanye no Zama Soni banothando kubo bonke abantu abangenayo uzwa imfudumalo,
usakhungathekile uzwe amaphimbo amnandi eWorship Team ihambisana no
Zithulele Khwela obashayela izinsimbi akwenze ungayeki ukunyakaza ngendlela
ashaya kamnandi ngayo.
Uthinte izinhliziyo zabaningi uThula Khanyile ngamazwi enkuthazo ekhuluma
ngokuba nobudlelwano noSomandla ethi kumele uzazi ukuthi uyindodana
kaNkulunkulu ukhule ekumazini, evule incwadi ka Genesis wokuqala evesini
lamashumi amabili nesishagalombili (28).
Umvuli welizwi umshumayeli uSibisi uvule incwadi yabase Khorinte bokuqala
isahluko seshumi nesithupha (16) endimeni yeshumi nane (14). ”Konke enikwenzayo kwenzeni ngothando”. UMahlase usukume waqala iculo le
Joyous Celebration elithi ”My God is goodo” kwanyakaza indlu yonke.
Intshumayelo ibikhuluma ngothando njengalokhu kulotshiwe nase ncwadini
engcwele ukuthi ”uNkulunkulu uluthando”
Kuphele intshumayelo wabe esethi uMfundisi ”Kunezinto ezibanjwe uwe empilweni yakho ngokuthi usuphelelwe uthando uma ekhona ozizwa ephelelwe uthando akeze sikhuleke naye”, yabe isibabeka izandla inceku yeNkosi.
Khona manjalo kube sekungena inkonzo yokunikela iholwa uMenzi Nxumalo esho umhlabeleli othi ”Yebo Nkosi ngiza kuwe” emva kwalokho bekuzwakala
ukuthi ukhona uMoya ongcwele kulendawo. UMenzi uvule encwadini kaLuke 5 vrs4 lapho kukhulunywa ngabadobi wathi ”iskhwama sakho inethi yakho yokudoba uNkulunkulu ulwandle lapho udoba khona ngakho phonsa umnikelo
olwandle uzobuya nezibusiso”.
Uma isiphethwa inkonzo kwamukelwa abaqalayo ukufika owemukele izivakashi namuhla uZonke Zulu, ibibhalwe emehlweni injabulo kubo bonke abebeqala ukufika bebonga impatho ube esethi kube uZonke bangazitholela ikhaya elifudumele khona lapha eVMCI ebanga bonke umam’ Mfundisi ukukhombisa uthando.
Kube sekumenyezelwa ukuthi kuzoba ne Convention mhlaka 27 kuya kumhlaka 29 ngenyanga ezayo, kuzoba nenkonzo yombhabhadiso khona kuConvention kanti njalo esontweni lokugcina enyangeni uMfundisi uzokhulekela abagulayo.
Previous by Londeka
2013 June 18: New Brand For House Music Lovers
and
2013 June 16: Zishade libalele izitabane
and
2013 June 30: Durban gays and lesbians say NO to hate crimes in SA
